INew York Times ixwayise nge-Info Bill

2011-11-30 08:38

Johannesburg - INew York Times ngoLwesibili ishicilele isiqephu esingenkululeko yabezindaba eNingizimu Afrika, ixwayisa ngokuthi intando yabantu ingase ibe sengcupheni.

"Intando yabantu eyaba yidumela emhlabeni, eyatholakala ngemuva kweminyaka eminingi yemizabalazo kulwiswana nobandlululo, isengcupheni," ngokusho kwesiqephu esibhalwe ku- www.nytimes.com.

“Akubeki nje kuphela izintatheli engcupheni. kodwa kuyilungelo lezakhamuzi ukwazi.”

Ixwayise ngokuthi uma kungabuyekezwa lo mthetho sivivinywa kufakwe isigaba esivumela ukuba umphakathi uthole ulwazi, "ungadala umonakalo ongeke uphinde ulungiseke entandweni yabanta eNingizimu Afrika."

Lo mthetho sivivinywa wavotelwa yiPhalamende, manje usezithebeni zeNational Council of Provinces.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...