IMpumalanga kumele ifune inyuvesi – Malema

2012-02-20 11:51

Johannesburg – Abantu baseMpumalanga kumele baqinisekise ukuthi uMengameli Jacob Zuma uyasigcina isethembiso sakhe sokuthi uzokwakha inyuvesi eNelspruit, kusho umholi we-ANCYL uJulius Malema ngempelasonto.

Ubesho kanje eBushbuckridge, eMpumalanga, nalapho ethe abaholi be-African National Congress kumele bafundiswe ukuthembeka ngabakushoyo, kubika iphephandaba iThe Times ngoMsombuluko.

"Uma kukhona umuntu owanithembisa inyuvesi kodwa wangahamba phezu kwamazwi akhe kumele lowo muntu angabi ngumngani wabantu baseMpumalanga ngoba wanithembisa amanga. Wayegaya ivoti," kusho uMalema.

"Kumanje kuza ukhetho luka-2014 kodwa lutho inyuvesi yezethembiso," esho.

Enkulumweni yakhe ebhekiswe esizweni, uZuma wathi kuzobekwa eceleni u-R300 million ukuze kwakhiwe amanyuvesi eMpumalanga naseNorthern Cape.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...