IMeya yase-Eden nezinsolo zokukhwabanisa
2013-02-13 10:02
Cape Town - Umbiko wocwaningo uthi kumele iMeya yade-Eden uWessie van der Westhuizen, kanye nezinye izikhulu, bathweswe amacala okukhwabanisa, kusho umbiko weCape Times.
Ucwaningo lwakwa-ENS lwathola ubufakazi obuthi kwaba khona ukukhwabanisa, ukukhipha imininingwane engaqondile kanjalo nokusetshenziswa budedengu kwezimali ezasetshenziswa kukhokhelwa izindleko zokuhlala.
Umbiko lona uputshukele kwabezindaba kanti uthi kukhona ekumele babhekene nekomidi lokuqondiswa kwezigwegwe.
Ucwaningo lwaqalwa ngenyanga kaJulayi ngo-2011 lwaphothulwa ngoDisemba ngonyaka owedlule, lwaqalwa ngemuva kwezinsolo ezithi kwaba khona ukungahanjiswa kahle kwezinto ngaphansi kukaMasipala wase-Eden.
UVan der Westhuizen utshele iphephandaba wathi yize noma engathokozile ngalokhu okuvelile, uyabonga ngoba uzothola ithuba lokugeza ugama lakhe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA