IMeya inqabe imoto kanokusho

2013-02-08 12:16

Johannesburg - IMeya kaMasipala waseTlokwe, u-Annette Combrink, yalile ukusebenzisa imoto kanokusho yomsebenzi eyithengelwe ngumasipala, nefike ngesonto eledlule, kubike iBeeld ngoLwesihlanu.

Izimoto zikanokusho zeziMeya azisabalulekile manje njengoba abantu bekhungethwe ububha nje, kusho uCombrink etshela iphephandaba.

Uthe uzosebenzisa imoto yakhe yohlobo lwe-VW Passat uma enza imisebenzi.

UCombrink ngoLwesine ukhulume ngodaba lokuthengelwa kweMeya edlule uMaphetle Maphethtle imoto yohlobo lweMercedes-Benz C350 CDI engabiza u-R736 000 eyithengelwa umasipala ngonyaka odlule.

Imoto ifike ngesonto eledlule, njengoba ibifakwa izinto zekhethelo – izihlalo zesikhumba kanye ne-sunroof – njengoba kwakuceliwe.

Khonamanjalo, izimoto ezimbili ezabolekwa lapho kudayiswa khona izimoto, zombili zalimala ngesikhathi abasebenzi bamasipala waseTlokwe bezisebenzisa.

IMercedes entsha isabekiwe egaraji likamasipala, kusho uCombrink.

UCombrink uthe usecele uMcwaningi Mabhuku ukuba enze uphenyo ngalokhu kuthengwa kwemoto.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...