IMarikana yaveza indima yamaphoyisa - Mthethwa

2013-01-31 12:03

Johannesburg - Kudingidwe ngendima eyadlalwa amaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabavukuzi basemayini yaseLonmin, eMarikana, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa.

"Ngakolunye uhlangothi uzama ukugcina umthetho, kuthi ngakolunye kube nesimo esinzima ekumele ubhekane naso," esho ekhuluma esidlweni sasekuseni esihlelwe yiphephandaba iNew Age.

"Sifuna ukubona abasebenzi bakwaSA Police Service, beqhuba umsebenzi ngendlela enobuntu."

UMthethwa ubuze ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi abantu bahlome uma bebhikisha.

"UMthethosisekelo uvumela abantu ukuthi bazwakalise ulaka lwabo kodwa uyakwala ukuthi abantu bahlome esidlangalaleni," kusho uDingiswayo.

"Siyazama ukugwema indluzula....njengoba sekuke kwabonakala amaphoyisa esebenzisa amathangi amanzi nokunye. Indluzula izosebenza kuphela uma kunesidingo."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-22°C Sunny. Mild. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...