'IMangaung ingase ibuyise isithunzi seqembu'

2012-10-29 10:03

Johannesburg - IPhini likaMengameli wezwe uKgalema Motlanthe uthi ukholwa wukuthi inkomfa ye-African National Congress ezobanjwa ngenyanga kaDisemba, eMangaung, izosiza ukubuyisa isithunzi seqembu esithanda ukushabalala kubantu.

"I-ANC kumele iqhubeke nokumela okuyiqiniso, iphinde ihole abantu ngendlela," kusho umbiko wephephandaba iBusiness Day, ocaphune inkulumo kaMotlanthe la khona eveze ukuthi iMangaung ingase ibe yigxathu elizosiza iqembu.

UMotlanthe uveze ukuthi abantu abaningi kanjalo nezinhlaka ezahlukene, balindele ukubona ukuthi inkomfa yeqembu izoza naziphi izinhlelo ezizosiza umnotho kanjalo nemigomo.

Enkulumweni yakhe uveze ukuthi abantu basebenzisa nanoma yini esemehlweni abo, ukukala ukusebenza kweqembu.

"Azingakanani izinto abazibhekayo, bakhuluma kanje: " Uma behluleka ukuhambisa izincwadi zabafundi bazokwazi kanjani ukwenza ezinye izinto ezithe ukuba nzinyana kuna lokhu?"




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-21°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-20°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...