IKhabhinethi likhala ngokuhlukunyezwa kwesifazane
2013-02-15 14:01
Cape Town - IKhabhinethi selizwakalise ukukhathazeka lagxeka izehlakalo zokuhlukunyezwa lwabesifazane nezingane.
"IKhabhinethi linokukhathazeka ngezehlakalo zakamuva zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Siyakugxeka kakhulu lokhu kuhlukumeza," kusho isitatimende ngemuva komhlangano wangoLwesithathu ebusuku.
UMengameli wezwe uJacob Zuma uvule iPhalamende ngoLwesine, wakhuluma ngesehlakalo esimise iNingizimu Afrika ngezinyawo, isehlakalo sokudlwengulwa kuka-Anene
Booysen,17, waseBredasdorp.
UBooysen wadlwengulwa yiqulu lamadoda, waphulwa izandla nezinyawo, wanqunywa uqhoqhoqho wase edatshulwa isusu kwafakwa phakathi ibhodlela elifile.
"Ukulinyazwa ngale ndlela komuntu wesifazane ongakwazi nokuziphendulela, akwamukelekile neze ezweni lwethu."
UZuma uthi usekhulume nezinhlaka zomthetho, wathi kumele amacala alolu hlobo, abhekisiswe ngendlela enobunyoninco.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA