IFedusa income uRadebe

2013-02-25 12:05

Johannesburg - Inyunyana iFederation of Unions of SA (Fedusa) isincome uNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa uJeff Radebe, oveze ukuthi zizothelwa ngehlazo zibekwe obala zonke izikhulu zikahulumeni ezitholakale namacala enkohlakalo.

"IFedusa ibikade ihlala njalo izwakalisa ukukhathazeka ngabasebenzi bakahulumeni abanenkohlakalo... yibo ekumele babe yisibonelo ekuziphatheni. IFedusa iyamncoma kakhulu ungqongqoshe ngokuthatha leli gxathu," kusho isitatimende.

NgeSonto, uRadebe ukhulume wathi zizobekwa obala izikhulu ezitholakale zinamacala enkohlakalo, wathi amagama azo azoshicilelwa emaphephandabeni.

"Lokhu kuzokwenziwa kuze kuzohlala obala laba abangamazambane abolile."

Ungqongqoshe uthi izikhulu kumanje ziphezu kwezinhlelo zokusebenzisana nabezindaba abahlanganisa imisakazo, umabonakude kanye namaphephandaba, kuze kuzodalulwa izigilamkhuba.

"Sifuna ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uyazi ukuthi kuqhubekani, kukaningi uma kukhulunnywa ngenkohlakalo kukhishwa izibalo kuphela, kulokhu kuzokuba khona namagama," kusho ungqongqoshe.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...