IDA izomangalela uhulumeni waseLimpopo

2012-10-26 15:30

Johannesburg - IDemocratic Alliance izofaka isikhalazo kuMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, mayelana nokukhishwa kwamathenda aseLimpopo, ekhishelwa abashomene nomholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, kusho iqembu.

"Sifuna ukubona kwenziwa ubulungiswa, kubekwa obala inkohlakalo,” kusho umkhulumeli weqembu uDesiree van der Walt.

Isikhalazo sizofakelwa uMnyango wezemfundo eLimpopo kanjalo noNgqongqoshe woMnyango uDickson Masemola, kuthiwa uMnyango wakhipha ithenda ka-R40 million, inikwa ubhululu kaMalema.

Ithenda kwabe kungeyokuhanjiswa kokudla ezikoleni.

UMalema kuthiwa wahambisa uhlu lwamagama abantu uMnyango ekwakufanele ubakhiphele ithenda, uMalema noMnyango bayakuphika lokhu.





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...