IDA ifuna ukubona umbiko ngeNkandla

2013-01-29 14:17

Cape Town - Umholi weDA ePhalamende uLindiwe Mazibuko usefunge ngokwenza konke okusemandleni ukuthi umbiko okhishwe ngomuzi kaMengameli Jacob Zuma, eNkandla, ukhishelwe umphakathi.

"Ngizofaka isicelo ngokomthetho iPromotion of Access to Information Act (PAIA), ukuze ngithole lo mbiko osuwenziwa imfihlo manje, i'Nkandlagate'," esho esitatimendeni.

Kuphinde kwafakwa isicelo kuManana Mabuza, nonguSihlalo wekomidi lezomsebenzi womphakathi ePhalamende, ukuthi lo mbiko undlalwe ngaphambi kwekomidi.

UMazibuko uyalele uZuma ukuba "enze okufanele angenelele ekutheni lo mbiko ubekwe phambi kwePhalamende ukulufwe ngazo zonke izindlela".

"Uma lokho kumehlula, ngizokwenza mina njengoba nginawo amandla njengelungu lesiShayamthetho."

NgeSonto, uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi uThulas Nxesi uthe imininingwane yalo mbiko izoba yimfihlo, kodwa waqinisekisa ngokuthi akusetshenziswanga imali yabakhokhintela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-21°C Sunny. Mild. Pta: 1-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...