ICosatu ifuna iqiniso ngeNkandla
2012-11-14 07:51
Johannesburg - UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela kumele asombulule iqiniso ngohlelo luka-R200 million lokulungiswa komuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla, kusho iCosatu.
Okhulumela iCongress of SA Trade Unions uPatrick Craven uthe lo mfelandawonye ukhathazekile ngemibiko oyizwayo.
"Siyazi ukuthi umvikeli womphakathi uyaphenya ngalolu daba kanti futhi sithemba ukuthi uhulumeni uzosebenzisana naye ukuthola umnyombo walezi zinsolo," esho.
"Ngakho-ke ngeke siphawule kuze kube kuphuma umbiko."
Lowo owaxoshwa njengomkhulumeli we-African National Congress Youth League uFloyd
Shivambu ugxeke iSA Communist Party ngokweseka uZuma yize iningi likhala ngalolu hlelo lwaseNkandla.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA