ICosatu ibhalele uMnyango wezokuThutha incwadi

2012-11-07 16:27

Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, usubhalele uMnyango wezokuThutha ucela ukuthi uchithe uhlelo lwama e-tolls.

Imali yokukhokhela imigwaqo kumele ixetshulwe engxenyeni yabakhokhi bentela, kusho okhulumela iCongress of SA Trade Unions, uPatrick Craven.

ICosatu ithi ama e-tolls azokuba nomphumela omumbi kubantu abampofu abavele babhekene nenkinga yokushoda ngemali yokudla nemali yokugibela.

"Lokhu angeke kugcine ngokuhlukumeza kuphela abantu baseGauteng, njengoba uhulumeni ethi i-etolling izosabalala nezwe lonke.”

UCraven uthi abantu baseNingizimu Afrika babhekene negwadla yezikweletu.

"Iqiniso wukuthi abantu abahamba ngezimoto abanayo enye imali abasala nayo eceleni. Lokhu kuchaza ukuthi abantu abangenayo imali akumele basebenzise imigwaqo emikhulu ekhokhelwayo.”

Kulindeleke ukuthi uhlelo lwama-etolls luqale ukusebenza mhlaka-26 Novemba.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...