ICosas izobhikisha nabafundi basemanyuvesi

2015-10-20 17:33

Pretoria - ICongress of South African Students (Cosas) izongenela umbhikisho kuzwelonke yeseka umkhankaso i-Fees Must Fall ezikhungweni zemfundo ephakeme ngoLwesithathu.

Le nhlangano yabafundi ithi amakhulu abafundi bazomasha balibhekise eMnyangweni weMfundo ePhakeme ePitoli befuna imfundo yamahhala.

Lokhu bakwenza ngoba beseka imibhikisho esisabalelele emanyuvesi akuleli kulandela iziphakamiso zokwenyuswa kwamanani okufunda angonyaka ozayo.

Funda nalolu daba: Abafundi baxoshe uMaimane enyuvesi

Unobhalala weCosas uKhulekani Skhosana, uthi ngeke basaqhubeka nokuhlelisa ukufuna imfundo yamahhala, kubika iSABC.

“Abafundi bamatikuletsheni yibona abagcina behlala emakhaya bengafundi. Ngenxa yokuthi abanayo imali futhi iNSFS ayifuni ukubaxhasa ngenxa yokuthi ithi ayinayo imali.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...