ICosas ithi iyameseka uZuma

2012-11-09 14:04

Johannesburg - AbeCongress of SA Students (Cosas), sebephumele obala bathi bayameseka uMengameli uJacob Zuma ekutheni aphathe ihlandla lesibili.

Umengameli obambile uMandlenkosi Mondlane ukhiphe isitatimende esithi le nhlangano yabafundi ifuna kube khona ubumbano nozinzo eqenjini i-African National Congress.

"UMengameli uJacob Zuma kanye noNobhala weqembu uGwede Mantashe kumele babuyiselwe ezikhundleni zabo. Kumele kube yibo abayingxenye yabahola inhlangano," kusho isitatimende.

"Siyakucacisa ukuthi sifuna kwenzakaleni ngodaba lwezikhundla, uZuma noMantashe ababuyele ezikhundleni zabo."

I-ANC izobamba ingqungquthela yokhetho lwezikhundla eMangaung, ngenyanga kaDisemba, kulindeleke ukuthi uZuma azame ukulwela isikhundla sakhe.

IPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe uthole ukwesekwa kwaphakanyiswa igama lakhe, okwamanje akukazeki noma uzovuma yini ukuncintisana noZuma.

Ukuqokwa kobuholi kuzovalwa mhlaka-26 Novemba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...