ICosas ithi akududulwe ofeyile uGrade 11

2013-01-17 16:32

Johannesburg - Udaba lwesicelo senhlangano yabafundi iCongress of SA Students sokuthi kududulwe umfundi owafeyila uGrade 11, kuyadingidwa ngalo, kusho uMnyango wezeMfundo eGauteng.

“Ihhovisi eliphezulu liyahlangana nehhovisi lesifunda ukuzama ukudingida ngalolu daba,” kusho okhulumela uMnyango uCharles Phahlane.

"UMnyango uxhumana nomzali womfundi mayelana nalolu daba.”

UPhahlane uthi akukho ukuphazamiseka komsebenzi esikoleni iMorris Isaacson High School, la kufunda khona lo mfundi oyilungu leCosas.

Phambilini namhlanje, iphephandaba iThe Star, libike lathi iCosas iphazamisa ukufunda esikoleni.

Umengameli weCosas uCollen Malatji, uthi inhlangano iyazi ngalokhu okuqhubekayo, uthi angeke baphawule kakhulu ngalolu daba njengoba lusezandleni zoMnyango.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Dubula uMalema - Kucula abe-ANC

Emizuzwini eyi-49 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 10-21°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...