ICosas ihoxise eyakusho ngoMadonsela

2014-03-25 16:22

Johannesburg - Inhlangano yabafundi iCongress of SA Students (Cosas), isikuhoxisile ukukhuluma kwayo ngoMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela, la khona bekhulume bambiza ngowesifazane onekhala elibi futhi elikhulu.

ICosas ihoxise ukukhuluma kwayo nokho yangaxolisa.

"Inhlangano iyawuhoxisa lowo musho, bekungamele kudelelwe uMadonsela njengomuntu, bekumele kukhulunywe ngehhovisi lakhe kanjalo nangombiko ngeNkandla," kusho uMengameli wenhlangano uCollen Malatji.

"Sibonisene savumelana ngokuthi okukhulumekile kwaba yiphutha."

UMadonsela wathola ukugxekwa ngemuva kokudedela umbiko ngokulungiswa komuzi kaMengameli uJacob Zuma, oseNkandla, enhla neKwaZulu-Natal.


Ubuholi be-African National Congress, bakugxeka lokhu kukhuluma, bathi kuzomele inhlangano ichaze kabanzi ngakho.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...