I-video entsha ngeMarikana
2013-01-28 16:47
Cape Town - Iseteshi sikamabonakude eBrithani sesisakaze umfanekiso owaqoshwa ngesikhathi kudutshulwa kubulawa abavukuzi abangu-34, emayini yaseLonmin eMarikana.
Abezindaba zeChannel 4 bathi bamukele lo mfanekiso owaqoshwa ngomakhalekhukhwini, mhlaka-16 Agasti.
Abezindaba babona kuphela imifanekiso eyaqoshwa ngabakwa-EWN, eNCA nabakwaCNN.
Umfanekiso osanda kubonakala, ukhombisa ukuthi kunabavukuzi abashonela buqamama nala kwakuqopha khona abezindaba.
“Abavukuzi babebaleka ngesikhathi amaphoyisa eqala ukudubula," kusho umbiko wabezindaba.
Kubuye kuzwakale iphoyisa limemeza lithi: "Ungamdubuli, ungamdubuli".
Iphoyisa elisuke liqopha lisondela eduze komvukuzi osuke eselele phansi eshonile, bese kuzwakala elinye iphoyisa lithi: "Lokhu kuthi....kuka nina. Ngimdubule okungenani amahlandla ayishumi."
Lona wahlonzwa njengomvukuzi oneminyaka engu-26 ubudala, owadutshulwa amahlandla ayishumi nambili.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24