I-YCL igxeka abangathembi uZuma ePhalamende

2012-11-09 16:40
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inhlangano iYoung Communist League isizwakalise ukuthukuthela ngokusayinwa kwesivumelwano samaqembu ezombusazwe athi awamethembi uMengameli uJacob Zuma.

Amaqembu aphikisayo ahlanganisa iDemocratic Alliance, Congress fo the People, Inkatha Freedom Party, namanye amaningi, asayine phansi ezwakalisa ukuthi awamethembi umengameli.

"Sixakekile ngale mizamo ye-DA nabangani bayo yokuzama ukuchitha umengameli," kusho umkhulumeli we-YCL uKhaya Xaba.

"Lokhu kwenza kuyaxaka kunjalo akunasidingo. IPhalamende kumele engabe libheke izinto ezizosiza kuyiwe phambili njengezwe, kuhanjiswe izinsiza kubantu kuphinde kuthuthukiswe imiphakathi. Kumele kuyekwe ukunakwa konontanda kubukwa abafana noMosiuoa Lekota weCope," kusho uXaba.

I-YCL iphinde yazwakalisa ukwethemba kwayo uZuma nobuholi bakhe.

"Sithanda ukucacisela abahlali baseNingizimu Afrika ukuthi zihlelekile izinto kumbimbi futhi asikho nesincane isidingo sokutatazela. Amaqembu lawa angaziwa nokwaziwa avote kanye ne-DA kumele ayeke ukuzixaka ngezinto ezingawadingi, kumele anake inkinga yokulahlekelwa ngamalungu eyenzeka emaqenjini abo."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 12-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Broken clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...