I-UKZN ixolise kubafundi

2012-02-21 10:24

Durban - INyuvesi yaKwaZulu-Natal ixolisile kubafundi nakubazali ngemibhikisho ebiphelezelwa wudlame ebihaqe lesiya sikhungo ophikweni oluseWestville ngesonto eledlule, kubika iThe Mercury.

Ibe isifunga ngokuthi izozisukumela izinsolo zokuthi unogada bebesebenzisa isandla sensimbi kubafundi ngesikhathi bezama ukulawula isimo.

Le mibhikisho ebiholwa wumkhandlu omele abafundi imiswe ngokusemthethweni ngoMsombuluko emuva kokuthi abaphathi nabafundi befinyelele esivumelwaneni sokubhekana nezikhalazo zabafundi.

IWestville SRC ibimelwe yisekela layo uCebo Nzama, njengoba umengameli wayo uLucky Nkalanga, engavunyelwe ukuba angene emasangweni ale nyuvesi, ngokwencwadi ekhishwe yinkantolo.

Kulindeleke ukuba i-UKZN ikhiphe umbiko wokuthi mungakanani umonakalo odalwe yile mibhikisho, kusho oyikhulumelayo uNomonde Mbadi.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...