I-UDM igxeka izinsolo ngamaphoyisa
2012-08-27 12:04
Johannesburg - Iqembu i-United Democratic Movement selikugxekile ukuhlukunyezwa kwabavukuzi baseMarikana abavalelwe esitokisini ekuthiwa kwenziwa ngamaphoyisa.
"Kumele uNgqongqoshe woMnyango wamaPhoyisa uNathi Mthethwa akuveze lokhu ukuthi kuyiqiniso noma cha," kusho umholi we-UDM uBantu
Holomisa.
"Sifuna ungqongqoshe avumele amalungu emindeni ukuthi alethe abameli babo kanjalo nodokotela babo kuze bezokwenza uphenyo oluphelele ngalezi zinsolo."
Iphephandaba iCity Press libike ukuthi angu-194 amacala avulelwe amaphoyisa, ahlanganisa awokushaya nokulimaza kanjalo nokuzama ukubulala.
Sekujutshwe uphiko i-Independent Police Investigative Directorate ukuthi luyoqhuba uphenyo eziteshini ezinhlanu zamaphoyisa.
Emasontweni amabili edlule amaphoyisa avulela ngenhlamvu kubabhikishi basemayini iLonmin, eMarikana, kwashona abavukuzi abangu-34 kwalimala abangu-78.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA