I-Sadtu eKZN igxeke ukubulawa kukathisha

2012-12-10 14:02

Durban - Ukubulawa kukathisha ngezinsolo zokufeyilisa ingane abeyifundisa kuyathusa futhi kuwubulwane, kusho iSA Democratic Teachers' Union (Sadtu) KwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

"Sishaqeke kakhulu ngalesi senzo. Lokhu kutshengisa ukuthi othisha bethu 'bayinyama' kangakanani ngenxa yokungaqini kwezokuphepha," kusho iSadtu esitatimendeni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Vincent Mdunge ukuqinisekisile ukuthi uMaureen Lucky Khuzwayo, 52, ubulawelwe esikoleni kwaMaphumulo ngoLwesihlanu.

ISadtu ithi uKhuzwayo udutshulwe ekhanda ngoba efeyilise umfundi.

"Ushayasibhamu, okukholakala ukuthi uhlobene nomfundi obozile, ulinde kwaze kwaphuma bonke abazali wase egasela ehhovisi likaKhuzwayo wamdubula esiswini kabili embuza ukuthi umfeyiliseleni lo mfundi," kusho iSadtu.

"Abazibonele bathi lo shayasibhamu ube esehamba waphinde wabuya wadubula uKhuzwayo ekhanda."



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C More sun than clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 13-15°C Light rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-17°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...