I-SASCOC ayinakuphawula ngoluka-Oscar

2013-02-14 12:02

Johannesburg - Abekomidi iSA Sports Confederation and Olympic Committee (Sascoc) abakaphawuli ngesehlakalo sokudutshulwa kubulawe owesifazane, ekuthiwa senziwe ngumsubathi wodumo wakuleli u-Oscar Pistorius.

"ISascoc njengabo bonke abanye baseNingizmu Afrika, ayazi lutho ngaphandle kwalokhu okubikelwe umphakathi. Sazi ukuthi kube nokudubula ekuthiwa kwenziwe nguye umsubathi, nala kuthiwa ubethi intombi ngumgqekezi," kusho isitatimende sekomidi.

"Inhlangano ayinalo ilungelo lokuphawula okwamanje, esingakusho wukudlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekayo."

Iphephandaba iBeeld libike ukuthi uPistorius udubule intombi yakhe ekhanda yashona.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Katlego Mogale uqinisekise ukuthi amaphoyisa abizwe emzini kaPistorius, eSilver Lakes Golf Estate, ngemuva kokuthi kube nokudubula.

"Abahambisi bosizo lokuqala bathe owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala, ushonele endaweni yesehlakalo."

Umthombo othembekile utshele iphephandaba iCity Press wathi abomndeni wentombi ka-Pistorius, eshonile, babuhlungu ngalesi sehlo.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...