I-SARS ingase ishaqe impahla kaMalema
2013-01-31 12:03
Johannesburg - Abakwa-SA Revenue Service (Sars) sebefake amaphepha eNkantolo eNkulu yasePitoli ngenhloso yokuba kushaqwe impahla kalowo owabe engumengemali wophiko lwentsha lwe-ANC uJulius Malema, kusho umbiko ngoLwesine.
ICity Press ku-website yayo ibike ukuthi, ngokwamaphepha afakwe enkantolo, uMalema ukweleta uSars u-R16 million, kanti futhi “akanamali, okusho ukuthi ngeke akwazi ukukhokha lesi sikweletu sakwa-Sars”.
UMalema nommeli wakhe bazosenza namhlanje ngoLwesine isinqumo sokuthi basiphikise yini lesi sicelo.
Uma lesi sicelo siphumelela noma singaphikiswa, yonke impahla kaMalela – ehlanganisa umuzi wakhe oseSandton, nomunye umuzi wakhe kanye namapulazi akhe – ziyothathwa bese zidayiswa esidlangalaleni ukuze imali eyotholakala kukhokhwe ngayo izikweletu zakhe.
ICity Press ibike ukuthi, ngokwemiqulu efakwe enkantolo, abakwa-Sars basalile isicelo sikaMalema sokuboleka u-R4m ukuze akhokhe imali yentela eze ifinyelele kweyango-2011, ngenxa yokuphambana kwenkulumo yakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA