I-SAHRC izophenya ngesikole esimise izingane

2013-01-24 10:02
Yabelani Shicilela

Cape Town - Ikhomishana iSA Human Rights Commission (SAHRC), iphenya ngodaba oluthinya abafundi ababili abayizelamani, ekuthiwa baxoshwe esikoleni ngoba begqoke izigqoko zenkolo yabo yobuSulumane.

Iphephandaba iCape Times libike ukuthi uSakeenah Dramat, 16, nomfowabo uBilaal, 13, bacelwa nguthisha esikoleni i-Eben Donges High, eKraaifontein, ethi abakhumule izigqoko zabo.

Umama wezingane uNabila, uthi wabizwa watshelwa ukuthi izingane zakhe ziphula umthetho womfaniswano wesikole, sekuphele isikhathi esingaphezu kwesonto abafundi bengayi esikoleni.

"Angeke ngikwazi ukubavumela bengazigqoki izigqoko zabo, ziyingxenye yenkolo yabo. Abantwana bami badangele njengoba bengayi esikoleni."

Abe-SAHRC bathi bayaphenya ngalolu daba.

Uthishanhloko wesikole uWilfred Taylor, uthe iphephandaba alikhulume noMnyango wezeMfundo.

Okhulumela uMnyango uPaddy Attwell, uthi isikole sizohlangana nabazali, kudingidwe ngalolu daba.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...