I-SACP ithi izolokhu yeseka uZuma
2012-12-12 16:24
Johannesburg - ISA Communist Party ithi izoqhubeka nokweseka uMengameli uJacob Zuma, ime naye njengoba elokhu egxekwa ngezinkinga eziqhubeka ezweni.
"Izinkinga ezikhona akusiyo into yamanje, yinto ekudala yaba khona, wonke umuntu nombimbi owaziyo ngazo. Kuyakhathaza ukuthi zikhonjwe kumuntu oyedwa, okunguMengameli uZuma.” Kusho uNobhala weSACP eGauteng, uJacob Mamabolo, esitatimendeni.
UMamabolo uthi kunemizamo yokuphazamisa inkomfa yeqembu ezobanjwa eMangaung.
"Imizamo iza nabathile abathanda ukuziphatha kwezombusazwe, izinhlaka ezithize ezihlanganisa ezomnotho nezenkolo,” kusho uMamabolo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).