I-SACP igxibhe uMalema noYengeni
2012-07-12 14:05
Durban - Umholi we-ANCYL owaxoshwa uJulius Malema kanjalo nesikhulu esiphezulu eqenjini i-ANC uTony Yengeni yibona ebekushaywa ngabo izaga engqungqutheleni yeSA
Communist Party ebanjelwe eMpangeni, KwaZulu-Natal.
"UMalema uyalizonda leli qembu kodwa asinandaba, uYengeni
uyalizonda leli qembu kodwa asinandaba", kusho izinhlamvu zeculo ebeliculwa.
UYengeni waphunyukwa yisikhundla sikaSotswebhu ngesikhathi etholakala enecala lokugwazelwa, uMalema yena uxoshwe esikhundleni sokuba ngumholi wophiko lwentsha ngenyanga ka-Ephreli.
Elinye iculo elizwakale liculwa belinezinhlamvu ezithi: "Malema ungayijahi impi ngoba iyabulala."
Abahambele inkomfa bacule namaculo aseka uMengameli uJacob Zuma.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA