I-SABC ivale isikhangisi esingoZuma

2012-11-27 08:33

Johannesburg - Inhlangano esakazela umphakathi iSABC isivale isikhangisi sikafishi esiveza uMengameli Jacob Zuma nomndeni wakhe bedla isidlo sasebusuku, ngokombiko ngoLwesibili.

Lesi sikhangisi besizovezwa ngoMsombuluko ebusuku kuSABC kuze kube uFebhuwari, kodwa sahoxiswa sekusele amahora amabili nje vo ukuba siye emoyeni, kubika iThe Star.

Lesi sikhangisi sopopayi sitshengisa isithabathaba somuzi bese kuba nombhalo othi "Isidlo sasebusuku eNkandla".

Kube sekuvela owesifazane ohlezi etafuleni elide ngendlela exakile, eliphahlwe yizingane nabesifazane, asho ngesiZulu athi: "Oh Zuzulicious, sidla i-fish and chips yakaShabba namhlanje."

Kuthi kusenjalo lo mndeni uzitike ngalesi sidlo.

UZuma abe esephendula ethi: "Yidla shwamushwamu lami, there is a lot of good food here. It's from the Fish and Chip Company. Nibaningi layikhaya, at only R25 even Pravin will approve this."

UPaul Warner, nongumqondisi kwaMetropolitanRepublic Group, nokuyinkampani eyenze lesi sikhangisi, uthe utshelwe ukuthi lesi sikhangisi sizovalwa ngenxa yokuthi "sehlisa umengameli isithunzi".


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...