I-SABC imise izingoxo nezintatheli ngeMangaung
2012-12-05 08:30
Johannesburg - Kumiswe ngemizuzu yokugcina ingxoxo ebizoba kuMetroFM nezintatheli ezintathu nebezizodingida kabanzi ngengqunguqthela ye-ANC ezoba seMangaung, ngokombiko wangoLwesithathu.
Iphephandaba iThe Times libike ukuthi umhleli wezombusazwe kuSunday Times uS'thembiso Msomi, oweBusiness Day uSam
Mkokeli noweFinancial Times, u-Andrew
England, bese bethelekile ezindlini ze-SABC ngesikhathi le ngxoxo imiswa.
Lolu hlelo bekumele luqale ngo-20:00 ngoLwesibili noSakina Kamwendo.
"Ngesikhathi sise-studio, kungene ucingo kwase kufika omunye wophrojusa wasibuza amagama ethu nokuthi sisebenzela kuphi. Ucingo lube seludluliselwa kuKamwendo," kusho uMsomi.
"Ukhulume isikhashana ocingweni, ngemuva kwalokho sibe sesitshelwa ukuthi izimvo zethu ngeke zisadingeka."
Okhulumela i-SABC uKaizer Kganyago unqabile ukukhuluma neThe Times, wathi akazi lutho ngalesi sigameko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA