I-SABC imise inkulumo noZapiro - Umbiko

2012-12-13 10:03

Johannesburg - Isiteshi esisakaza ngomoya i-SABC simise inkulumo nomdwebi uJonathan Shapiro, owaziwa ngelikaZapiro, nodume ngokudweba abukise ngosopolitiki.

Imibiko yephephandaba iThe Times ithi uZapiro uqophe le nkulumo ebekulindeleke ukuthi isakazwe yase imiswa.

Kuthiwa umyalelo wokumiswa kokusakazwa kwayo uqhamuke “kwabaphezulu”.

“Ngisho ngesikhathi senkulumo bekungathi bayangiphoqa ukuthi ngikhulume kahle ngoMengameli uJacob Zuma,” kusho uZapiro.

Okhulumela u-SABC uKaizer Kganyago utshele iphephandaba wathi akasazi isizathu sokumiswa kwenkulumo, ebekulindeleke isakazwe ohlelweni i-Interface.

"Inkinga ukuthi abantu bacabanga ukuthi isinqumo sokumisa inkulumo sithathwe ngenxa yabo. Asihlangene namuntu lesi sinqumo.”

Ngenyanga ka-Okthoba uZuma wahoxisa icala lokwehlisa isithunzi ayelethwese lo mdwebi.

Akusikho okokuqala lesi siteshi simisa inkulumo ehlobene nezombusazwe.



  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-25°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-22°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. PE: 17-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...