I-Outa izodlulisa olwe etolling
2013-01-25 16:16
Johannesburg - Abe-Opposition to Urban Tolling Alliance (Outa), bamukele isinqumo seNkantolo eNkulu ePitoli, esithi bangakwazi ukuphikisa isinqumo senkantolo mayelana nokuqalwa kohlelo lwe-etolling.
"Sikholwa wukuthi singagcina sikwazile ukunqoba impi ye-etolling. Sithanda ukubonga izinkumbi zabantu baseNingizimu Afrika kanjalo nosomabhizinisi abaxhase lo mkhankaso," kusho isikhulu se-Outa uMusa Strachan.
IDemocratic Alliance, eGauteng, ihalalisele i-Outa yathi: "Kuyizindaba ezinhle ukuthi iNkantolo yokweDluliswa kwamaCala izolalela kabusha lolu daba," kusho ilungu le-DA ePhalamende uJack Bloom.
"Kubalulekile ukuthi inkantolo izwe izimvo zomphakathi ngodaba lwe-etolling, kumele icaciselwe ukuthi abantu baseNingizimu Afrika abahambisani nakancane nalento."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).