I-NUM yayazi ukuthi abasebenzi abaneme - Marikana

2013-02-01 14:03

Rustenburg - Inyunyana yabasebenzi iNational Union of Mineworkers, yazi ukuthi abasebenzi abathokozile ngamaholo abo, kusasele isikhathi esiyinyanga ngaphambi kokuthi kubanjwe isiteleka esaba nodlame.

Lokhu kuvele njengoba kuqhubeka ukulalelwa kobufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam, ephenya ngalokhu okwenzeka emayini yaseLonmin, eMarikana.

"Yebo, ngiyavumelana nawe," kusho umengameli we-NUM uSenzeni Zokwana.

UZokwana ubephendula ummeli osohlangothini lwamaphoyisa u-Ishmael Semenya, obuze ukuthi inyunyana yayazi yini ukuthi abasebenzi abanelisekile ngamaholo.

USemenya ufune ukwazi ukuthi kungani inyunyana ingalalelanga izikhalo zabasebenzi.

"Kodwa nje kwase kunomoya ongemuhle owawuvele usuvunguza phakathi kwabasebenzi nenyunyana," kusho uZokwana.

UZokwana uthi abasebenzi babekholwa ukuthi bangazibambela bona mathupha izingxoxo ngamaholo abo, uthi bakhuluma nabaqashi babatshela ukuthi abafuni ukumelwa yi-NUM.

"Ayikho indlela inyunyana eyayingenza ngayo abasebenzi bengafuni ukukhulunyelwa."

Mhlaka-16 Agasti, abavukuzi basemayini abangu-34 badutshulwa babulawa, kwathi abanye abangu-78 balinyazwa ngamaphoyisa.

Esontweni elandulela leli, kwabulawa abanye abayishumi abahlanganisa amaphoyisa amabili nonogada ababili.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Morning clouds. Mild. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...