I-NUMSA izobhikishela isicelo sabakwa-Eskom

2013-01-14 16:43

Cape Town - Inyunyana yabasebenza ngensimbi ithi izobamba umbhikisho ngenhloso yokuphikisa isicelo sakwa-Eskom, sokuthi kwenyuswe amanani kagesi ngo-16%.

Kulindeleke ukuthi abeNational Energy Regulator of SA (Nersa), balalele izethulo zomphakathi, mayelana nokwenyuswa kwamanani.

Ukulalelwa kwezethulo kuzoqala eKapa, ngoLwesibili.

Okhulumela iNumsa uCastro Ngobese, uthe bazobhikisha ngaphandle kweCape Town International Convention Centre (CTICC), ngoLwesibili.

Inyunyana ithi uma u-Eskom evunyelwa ukuthi enyuse amanani, kuzolahleka imisebenzi njengoba kunezinkampani ezizophoqeka ukuthi zivale.

UChristelle Terreblanche okhulumele abazibiza nge-One Million Climate Jobs Campaign uthe sebenikwe imvume yokuthi babhikishe.

"Angeke sikwazi ukuthi sivumele i-Nersa iphasise isicelo sakwa-Eskom, kungakabhekisiswa kabanzi uhlelo inkampani ezolusebenzisa,” kusho uTerreblanche.

Abakwa-Eskom, bafaka isicelo sokwenyusa amanani ngo-16%, kuze kube yiminyaka emihlanu kusukela ngo-2013.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...