I-NUM income abaqokelwe ukumela abasebenzi
2012-12-21 10:36
Johannesburg - Ukukhethwa kwabaholi abamela abasebenzi ekomidini eliphezulu le-ANC kwamukelwe ngazo zombili yiNational Union of Mineworkers (NUM) ngoLwesihlanu.
"Siyakuthokozela ukuthi sesinyusiwe isibalo sabaholi abamela abasebenzi lokhu kuqhubezela phambili isinqumo seCosatu sokukhulisa izikhundla ze-ANC,” kusho uNobhala Jikelele weNUM uFrans Baleni esitatimendeni.
"Sibongela kakhulu uMengameli we-NUM uSenzeni Zokwana, okhethelwe ukuba angene esigungwini esiphezulu kanye nabo bonke abaholi abamela abasebenzi abakhethelwe ukuba seqenjini elibusayo".
Abamele izinyunyana zabasebenzi abafakwe ekomidini eliphezulu le-ANC kuleli sonto engqungqutheleni eseMangaung umengameli weCongress of SA Trade Unions uSidumo Dlamini, kanye noNobhala Jikelele weNehawu uFikile Majola.
UNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi wenqaba ukungenela umbango.
UBaleni uthe i-NUM isilangazelela ukubona isetshenziswa imigomo ebalulwe engqungqutheleni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA