I-NPA izocela kudingidwe ngezindleko zawakwaKito

2013-02-05 14:02

Durban - INhlangano yezokuShushiswa koMphakathi kulindeleke ukuthi ikhulume namaphoyisa mayelana nokukhokhelwa kwezindleko zomthetho, zamaphoyia angu-28 abhekene namacala ahlanganisa awokubulala nokusebenzisa budedengu imali.

Lokhu kuvezwe kafishane eNkantolo eNkulu eThekwini, la bekuvela khona abasolwa abangu-28 ababesebenza esiteshini samaphoyisa eCato Manor, nabaziwa ngokuthi bangomashayabhuqe.

Bekulindeleke ukuthi kunqunywe usuku lokuqala kwecala, nokho uMshushisi uSello Maema watshela inkantolo ukuthi kumele icala lihlehle kuze kuzolungiswa kahle izinto ezithinta abameli.

Abasolwa babhekene namacala alinganiselwa ku-70, ahlanganisa awokusebenzisa budedengu imali, ukubulala kanjalo nokuzama ukubulala.
 
Laba kuthiwa babesebenza ngaphansi komyalelo wenhloko yabo uJohan Booysen, okumanje uyiNhloko yophiko loKlebe.

Bangu-30 abasolwa ababoshwa, nokho uCaptain Vincent Auerbach noCaptain Neville Eva, sebashona.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...