I-NPA iphenya ngolwentatheli yakuleli

2012-11-15 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - I-NPA iphenya ngezinsolo zokuboshwa kwentatheli yaseNingizimu Afrika kwa-Israel, kubike iBusiness Day ngoLwesine.

Uphiko olungaphansi kwe-National Prosecuting Authority oluphenya ngobugebengu, luphenya ngokuboshwa kukaGadija Davids kwa-Israel ngemuva kokuba ekhishwe emkhumbini owawuphethe izinto zokusiza abantu eGaza ngo-2010.

INingizimu Afrika inelungelo lokuphenya ngamacala afana naleli ngaphansi komthetho iRome Statue Criminal Court Act.

Iphini likamqondisi uJP Pretorius ubhalele ummeli kaDavids, uZiyaad Patel ngoNovemba 4 lapho ethi khona ngemuva kokuxhumana namaphoyisa, sibonakele isizathu sokuba kuphenywe ngokuboshwa kwakhe, kwase kuvulwa idokodo.

UPretorius uthe iNPA izoxhumana ne-International Criminal Court ngaleli cala.

Amaphoyisa akwa-Israel kusolakala ukuthi amhlukumeza uDavids. Waboshwa izandla ngentambo wabekwa elangeni amahora amaningi. Wagcinwa ejele lakhona kwa-Israel wanqatshelwa ukuthola usizo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-20°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...