I-NPA ibhacaze kakhulu - IFP
2012-09-03 08:30
Johannesburg - Ishayisa ngovalo indlela yokusebenza kweNational Prosecuting Authority, kusho uKoos van der Merwe, nokhulumela i-IFP kwezobulungiswa, kulandela olwaseMarikana.
"Baqale benza isidididi ngokubeka abavukuzi abangu-274 amacala bebe bazi kahle ukuthi ngeke babe nabo ubufakazi. Abazange basibone isidingo sokulinda imiphumela yophenyo. Bazenzele umathanda nje," esho.
"Okwesibili, bavumele ingcindezi ukuba ibalawule. Lokho-ke nje kuyinkinga kukodwa," eqhuba.
I-NPA kudingeke ukuthi iwahoxise amacala okubulala abebekwe la bavukuzi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA