I-NFP ne-IFP ithi akube nokuthula

2012-11-20 16:29

Durban - Abaholi beNkatha Freedom Party nabeNational Freedom Party bacele ukuthi kube nokuthula, yize noma bebesolana bodwa ngodlame oluqhubeka KwaMashu, eThekwini.

Isimemezelo samaqembu siza ngemuva kokubulawa kwelungu leNkatha, elibulawe esigcemeni sakwa-A, khona KwaMashu kanye nezinsolo ezithi kujikijelwe ngamatshe imizi yamalungu eNFP.

USihlalo we-NFP uBonginkosi Mbonambi uthe amalungu eNkatha asuse udweshu ehhostela eSulabasha, uthe laba babulale amawindi ezindlu zamalungu e-NFP.

UMbonambi usole amaphoyisa ethi awenzi okwanele ukulwa nodlame oluqhubekayo.

"Asithokozile nakancane. Amaphoyisa abezihambela nabo engabayekisi impi," kusho uMbonambi.

UMbonambi uthi udlame oluqhubekayo lwenza kube nzima ukuqoka ikhansela lakwa-ward 39, ekumele lingene esikhaleni sekhansela leNkatha uThemba Xulu, owabulawa ngenyanga eyedlule.

Umholi weNkatha uSihle Menzi Biyela ube ngowakamuva ukuthi abulawe kulolu dlame oluqhubekayo.

UMdu Nkosi, ongumholi weNkatha, obekhuluma endaweni yesehlakalo la kubulawe khona uBiyela, uthe: "Sihlala njalo sitshela amalungu eNkatha ukuthi awehlise imimoya kodwa ekugcineni sigcwaba amalungu."
 
UNkosi uthe ukholwa wukuthi ukubulawa kukaBiyela bekuyindlela yokufaka itwetwe kumalungu eNkatha, asesigcemeni sakwa-A.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuqhunyiswe i-ATM eGoli

Emizuzwini eyi-26 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...