I-NFP ‘kumele’ imxoshe uKhoza

2012-11-16 12:01

Durban - Uma iNational Freedom Party (NFP) ifuna ukuthathwa njengeqembu elinohlonze kumele ixoshe lowo obeyikhansela laseThekwini uVusi Khoza ngemuva kokutholakala enecala lokuphehla udlame emphakathini, kubika iThe Mercury.

Lo ngumbono womhlaziyi wezepolitiki uProtas Madlala kulandela ukumemezela kweqembu ngoLwesine ukuthi uKhoza unqume ukusula umsebenzini yize ubulungu bakhe bungeke busulwe.

Kwashona abantu ababili bokufika esigamekweni esenzeka kuDr Yusuf Dadoo (Broad) Street enkabeni yeTheku ngo-2009.

NgoLwesithathu, uKhoza nobenguNobhala wesifundazwe ku-NFP, uzisulele ngokwakhe ngoba ethi ufuna ukuvikela isithunzi seqembu.

USihlalo wesifundazwe uVikizitha Mlotshwa uthe i-NFP izolinda isigwebo sikaKhoza ngaphambi kokuthatha izinyathelo.

UKhoza kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoMsombuluko eNkantolo yesiFunda eThekwini.

Ngenyanga edlule i-NFP yadabula ubulungu bukaNqabeni Mbatha, nobeyikhansela laseMnambithi ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...