I-NFP izimisele ngokubusa eKZN
2013-02-25 08:34
Mayibongwe Maqhina, The Witness
Durban - Uma izinto zihamba ngokwezifiso zeNational Freedom Party, leli qembu kungase kwenzeke libuse iKwaZulu-Natal uma sekungukhetho lwezobumengameli ngonyaka ozayo.
Iqembu lithe uma lihluleka ukuketula i-ANC, lihlela ukushenxisa i-IFP kube yilona eliyiqembu eliphikisayo.
Umholi weNFP leader uZanele Magwaza-Msibi wethule ngokusemthethweni izinhlelo zeqembu ngesikhathi ligubha iminyaka emibili lasungulwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, eThekwini.
UMagwaza-Msibi uphinde wathi i-NFP ifuna amavoti angu-1,8 million okhethweni oluzayo, besuka ku-1,2 million elawuthola ngo-2011, ukuze ikwazi ukuba nezwi elizwakalayo esiShayamthetho sesifundazwe.
Umholi we-IFP esiShayamthetho uBlessed Gwala ukuhleke usulu ukuphawula kukaMagwaza-Msibi.
“Kuyihlaya ukuthi i-NFP ingase ibuse lesi sifundazwe, angisayiphathi eyokuthi ibe yiqembu eliphikisayo elihamba phambili," kusho uGwala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness