I-MKMVA iyaqhubeka nokweseka uZuma

2012-10-18 14:03

Johannesburg - AboMkhonto weSizwe Military Veterans' Association (MKMVA), sebephinde bazwakalisa ukweseka kwabo uMengameli uJacob Zuma ukuthi aphinde futhi aphathe ihlandla lesibili.

"Sizokweseka uKgalema Motlanthe ekutheni abe yisekela, uma kuwukuthi ufuna ukungena okhethweni lukamengameli, sizokweseka uCyril Ramaphosa ukuthi abe yisekela likaZuma," kusho uSihlalo weMKMVA uKebby Maphatsoe, etshela abezindaba eGoli.

Lesi sinqumo sathathwa emhlanganweni wokuqokwa kobuholi beMKMVA ngempelasonto.

UMaphatsoe utshele abezindaba wathi bafuna uNobhala Jikelele uGwede Mantashe kanye noSihlalo uBaleka Mbete, bagcine izikhundla zabo.

Laba bafuna uJessie Duarte angene esikhaleni sikaThandi Modise, abe yiphini likaMantashe kuthi uZweli Mkhize angene kwesoMgcinimafa esiqhoqhobelwe nguMathews Phosa.

"Emhlanganweni kwavela ukuthi siyabeseka laba ngenxa yomlando wabo negalelo ababe nalo ku-ANC neMK," kusho uMaphatsoe.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

'UReeva akaze alale no-Oscar'

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...