I-MKMVA ifuna ukunakwa - Magaqa

2012-04-03 14:29

Johannesburg - Izingqalabutho zoMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA) zifuna ukunakwa nje yingakho ziphawula ngomholi wophiko lwentsha uJulius Malema, kusho uNobhala Jikelele walolu phiko uSindiso Magaqa ngoLwesibili.

"Bafuna ukukhombisa izithandwa zabo ukuthi bazovela komabonakude," kusho uMagaqa etshela izintatheli eGoli.

"Kuyasithusa ukuthi i-MKMVA ikhiphe isitatimende. Sikholelwa ukuthi lesi akusona isitatimende abasenze ngokuhlanganyela kodwa senziwe ngabathize," kuqhuba uMagaqa.

UMagaqa ubekhuluma nabezindaba ngemuva kancane kwesithangabi sabezindaba ebesibanjwe i-MKMVA kwekomkhulu le-ANC, eLuthuli House.

Ngaphambilini, uSihlalo we-MKMVA uKebby Maphatsoe ucele ikomidi likazwelonke le-ANC ukuba lixoshe uMalema.

"UMalema ucabanga ukuthi ungaphezulu kwe-ANC," kusho uMaphatsoe.

UMagaqa uthe isitatimende se-MKMVA besingahlelekile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...