I-M&G inabe ngezinsolo ezibekwa uMaharaj

2011-11-25 16:29
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kundlalwe zonke izinsolo zokugwazisa zikalowo ongumkhulumeli kaMengameli, uMac Maharaj, nonkosikazi wakhe uZarina ephephandabeni iMail&Guardian ngoLwesihlanu.

Ikhasi lokuqala belinesihloko esithi "The case against Mac" nebesiphikisa naleso sangesonto eledlule ebesifundeka kanje "Censored: A buried trail of lies".

Ingxenye yekhasi kuleli phephandaba yayisithiwe ngesonto eledlule kulandela ukuthi uMaharaj esabise ngokufaka leli phephandaba enkantolo.

Lalifuna ukushicilela imininingwane ewubufakazi bokuthi uMaharaj waqamba amanga ophenyweni olwalwenziwa woFezela, nasebahlakazwa, ngaleso sikhathi wayenguNgqongqoshe wezokuThutha kusukela ngo-1994 kuya ku-1999.

Kuthiwa wathola intshontsho enkampanini yezikhali yaseFrance, iThales International.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 12-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...