I-KZN icela usizo kulandela izimvula
2012-12-13 07:50
Durban - Uhulumeni waKwaZulu-Natal uzocela okazwelonke ukuba uhlonze njengendawo yenhlekelele izindawo ezikhahlamezeke kakhulu esifundazweni ngesikhathi kuhlasele izimvula.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uLennox Mabaso
uthe uhulumeni wesifundazwe uzocela usizo kokazwelonke.
Selimi ku-14 inani labashonile esifundazweni, njengoba kubikwa abanye abane abashone eDassenhoek.
UMabaso uthe kusenzima okwamanje ukuqagula umonakalo odalwe yizimvula ezinamandla, izikhukhula nesichotho.
“EMnambithi kukodwa kucekeleke phansi imizi engu-3 500 ngesikhathi kuhlasela isichotho,” esho.
Izindawo ezithinteke kakhulu iseMnambithi, ogwini oluseningizimu nesifundazwe naseThekwini.
Bangaphezu kuka-30 abantu abashonile kulona lonke leli ngenxa yalezi zimvula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA