I-Independent Democrats igxeka u-Ehrenreich
2013-01-09 15:02
Cape Town - UNobhala weCongress of SA Trade Unions eWestern Cape uTony Ehrenreich, akanazwelo futhi akacabangisisi, njengoba egqugquzele abasebenzi basemapulazini ukuthi bateleke, kusho ilungu lePhalamende eqenjini i-Independent Democrats, uRodney Lentit
“ Kungukuxhashazwa kwabasebenzi basemapulazini okwenziwe nguTony Ehrenreich, ethi abateleke kuqala nje unyaka nesimo sezimali singesihle kahle,” kusho isitatimensde sikaLentit.
"Akwenzayo kuyipolitki nje eshibhile, inhloso yayo okungukuxhaphaza abantu abaswele.
U-Ehrenreich uthe angeke aze ephawule kulokhu kusho kukaLentit.
"Akawafundi yini amaphephandaba. Okwenziwa yiCosatu kuyimizamo yokusiza abasebenzi basemapulazini," kusho u-Ehrenreich.
"Bonke laba basebenzi abahlohlwe ngu-Tony Ehrenreich ukuthi bateleke, ngiyabanxusa bateleke ngokuthula," kuqhuba uLentit.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).