I-IPID izophenya amaphoyisa aseKhayelitsha

2012-07-17 08:33

Cape Town - Independent Police Investigative Directorate (IPID) izophenya ngenkohlakalo yamaphoyisa okuthiwa iqhubeka eKhayelitsha, eKapa, kusho umbiko weCape Times ngoLwesibili.

UMqondisi we-IPID uFrancois Beukman uzwe ngezakhamuzi ukuthi amaphoyisa akuleya ndawo ayanqaba ukuzinikeza imininingwane ngamacala, anenkohlakalo kanti futhi avuma ukugwazelwa yizigebengu.

Le nkohlakalo kuthiwa yiyo eyabhebhethekisa ukubulawa kwabantu ngumphakathi kulezi zinyanga ezine ezedlule, nokwashiya abantu abangu-14 abebesolwa ngokuba yizigelekeqe beshonile.

"Sibone inqwaba yalezi zigameko kule ndawo. Ziningi kakhulu izikhalazo esizitholile," kusho uBeukman.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered clouds. Mild. Pta: 17-25°C a few tstorms. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-18°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-21°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C Showers early. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...