I-IPID iphenya ngesihluku samaphoyisa
2012-09-14 13:11
Johannesburg - Ukuphathwa ngesandla sensimbi nokubulawa kowesilisa wasePitoli, nokusolakala ukuthi kwenziwa ngamaphoyisa kuyaphenywa, kusho i-Independent Police Investigative Directorate ngoLwesihlanu.
ULebogang Legodi, 28, kusolakala ukuthi wabulawa ngo-20:00 ngoLwesithathu esiteshini samaphoyisa esiseChamdor, eWest Rand, kusho okhulumela i-IPID uMoses Dlamini.
"Kusolakala ukuthi umufi wathathwa kubo eGarankuwa ngamalungu eSAPS ngoLwesithathu ntambama," esho.
Kuthiwa ngemuva kokushaywa lokho, uLegodi wayiswa eLeratong Hospital ngemoto okungeyona eyamaphoyisa, kodwa wangathathwa ngoba vele wayeseshonile.
UDlamini uthe, "Kuthiwa amaphoyisa ayefuna kuhlolwe isidumbu ngaphambi kokuthi umndeni wazi ngokufa kukaLegodi."
Akukaboshwa muntu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA