I-IFP ihlwithe i-ANC iNkandla okhethweni
2012-12-06 10:02
Johannesburg - I-IFP ikwazile ukuthatha iwadi ye-ANC okhethweni lokuchibiyela eNkandla, KwaZulu-Natal, nalapho kudabuka khona uMengameli Jacob Zuma, ngokwemiphumela ededelwe yi-Independent Electoral
Commission.
OweNkatha Freedom Party, uThembinkosi Francis Nxumalo, unqobe ngamavoti angu-54.99%.
Le wadi ibingaphansi kwe-African National
Congress, nebimelwe nguBongumenzi Mninimuzi Ngcobo, nowathola amavoti angaphansi kuka-50% ngesikhathi edla umhlanganiso ngokhetho olwedlule.
INkandla ike yaba sezindabeni kamuva njengoba kuzolungiswa umuzi kaZuma ngemali engaphezu kuka-R200 million.
Lolu daba luyaphenywa kumanje ithimba elajutshwa nguMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi.
Isikhala kule wadi yaseNkandla savuleka ngemuva kokushona kwekhansela ngemuva kokugula.
Iwadi ebibangwa kakhulu KwaMshu inqotshwe yi-IFP.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA