I-FNB yaqamba amanga ngezikhangisi - Umbiko
2013-01-29 10:03
Johannesburg - Izingane zesikole zakhokhelwa ukuba zenze izitatimende ezingehli kahle eziphathelene nezombusazwe nezisetshenziswe yiFirst National Bank emkhankasweni i"You Can Help", ngokusho kombiko ngoLwesibili.
Iphephandaba iThe New Age libike ukuthi ama-video lawa ahlelwa kanti ingane ngayinye yayikhokhelwa u-R3 500 ngosuku.
Oyinhloko kwezokumaketha eFNB uBernice Samuels kuthiwa watshela iphephandaba ukuthi kungumgomo ukuthi bakhokhele labo ababasebenzisayo uma kwenziwa izikhangisi.
Ngesonto eledlule, iFNB ithe inkampani ezimele yiyo eyenza inhlolovo kubafundi abaphakathi kweminyaka engu-10 no-22 ubudala ukuzwa ukuthi bazizwa kanjani ngeNingizimu Afrka nekusasa layo.
Lezi zikhangisi zavusa omkhulu umsindi, i-ANC ikhala ngokuthi kuhlaselwa yona.
Ngokwaleli phephandaba lezi zingane zaziqashwe yiTake Ten
Casting kanti "konke okwenziwa kwakuhleliwe".
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA