I-FNB imise isikhangisi esigxekwayo

2013-01-22 10:02

Cape Town - Ibhange elikhulukazi kuleli i-First National Bank, ebhekane nokugxekwa ngenxa yesinye sezikhangisi zalo, isikumisile ukusakazwa kwesikhangisi esiyiqhathe nophiko lwentsha eqenjini elibusayo.

Umbiko wabezindaba zeMail & Guardian, uthi ibhange alikhiphanga zizathu ngokumisa ukusakaza isikhangisi kanti umsakazo iRadio 702, umeme isikhulu sebhange uBernice Samuels, okhulume wathi: "Ngebhadi sikhethe ukuthi sikumise ukukhonjiswa kwesikhangisi, njengoba laba abakhuluma kuma-video besabela izimilo zabo."

Isikhangisi sebhange siyingxenye yomkhankaso webhange obizwa ngokuthi yi"You Can Help Campaign", lesi sikhangisi siveza izingane zesikole zifunda izifiso zazo ngezwe iNingizimu Afrika zigqamisa nomkhankaso webhange.

Omunye umyalezo uthi : "Izingqinamba angeke zixazululwe ngemali, ipolitiki engasho lutho, imibhikisho kanye nodlame. Zonke izinto ezinkulu esizenzizile sizenze ngokusizana."

Uphiko lwentsha lugxeke lesi sikhangisi lwathi "singukuvukela uhulumeni neqembu elibusayo".

Okhulumela i-African National Congress kuzwelonke uJackson Mthembu uthe iqembu lithukile ngesikhathi libona lesi sikhangisi, uthi iqembu nalo linezimvo ezifanayo nezophiko lwentsha.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Morning clouds. Mild. PE: 17-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...