I-FFPlus ifuna kuphenywe iNew Age

2013-01-24 16:37

Johannesburg - Iqembu iFreedom Front Plus lihlela ukucela uMvikeli woMphakathi ukuthi aphenye ngesidlo sasekuseni ekuthiwa sahlelwa yiphephandaba iNew Age (TNA), lisebenzisa izimali zabakhokhi bentela.

Sifuna kuphenyisiswe ngalokhu kanye nokusetshenziswa kwezimali zabakhokhi bentela, kusho umkhulumeli weqembu u-Anton Alberts.

"Kunobudlwelwane obukhona obungaqondile kahle phakathi kwabaphathi bephephandaba nezikhulu ze-African National Congress...kunezinto ezingalungile eziqhubekayo," kusho isitatimende seqembu.

I-FFPlus izocela uMvikeli woMphakathi ukuthi aphenye ngokuzibandakanya kosopolitiki nezikhulu zeTNA.

Ngesonto, iphephandaba iCity Press labika ukuthi kunezinkamapni ezingaphansi kukahulumeni ezikhokha izimali ezishisiwe zikhokhela izidlo zasekuseni ezihlelwa yiNew Age.

Umbiko wathi inkampani iTransnet, yakhokha isamba esingu-R17.5 million, i-Eskom yakhokha u-R7.2 million.

Abanikazi beNew Age, ngumndeni wakwaGupta, owaziwa kakhulu ngokweseka ngezimali i-ANC noMengameli uJacob Zuma.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kungene "umkhumbí' kwathula inkundla

Emizuzwini eyi-14 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...